By: Noluthando Mchunu
Ungqongqoshe wezokuhlaliswa kwabantu eKZN uSboniso Duma usenxuse umphakathi ukuthi uqhubeke nokusebenzisana nomnyango ukulwisana nomkhonyovu wokudayiswa kwezindlu zomxhaso kahulumeni ama-RDP.
UDuma ubekhuluma namalungu ephalamende ngenkathi kuhleli umkhandlu obhekele izifundazwe iNCOP eKapa.
Umnyango uphume umkhankaso wokuvundulula bonke abantu abahlezi ezindlini zikahulumeni ngokungemthetho emva kokuthola ukuthi lezindlu zidayiselwa abantu bokufika nabagcina benza kuzo ububengu.
Duma uthi baningi asebeboshiwe ngalomkhuba futhi kusenabanye abasaphenywa, nabo abazogcina beboshiwe.
“Sekunomkhuba lapho abantu abathola lezindlu abazidayisayo, kanti abanye babo bayarentisa ngazo ezigebengwini ezishushumbisa izidakamizwa- kanti abanye babo bazinika abokufika kuleli abangenawo amaphepha abagunyuza ukuba kuleli nabenza imigilingwane ehlukahlukene, okubalwa kuyo nobugebengu imbala,” kubeka uDuma.
Uthi ke sebeqoke ithimba labaseshi eseliwuqalile umshikashika wokuthungatha bonke abagila lomkhuba.




