By: Bright Ntuli
Osabambe njengesekela likaKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, u-Anthony Gopaul, usetshele ikhomishana kaMadlanga ukuthi wathintwa nguNgqongqoshe wamaPhoyisa uSenzo Mchunu mayelana nokubulawa kwekhansela le-ANC eMandeni, uPhendukani Mabhida ngoFebhuwari 2025.
UGopaul uthi uMchunu wayefuna ulwazi mayelana nabasolwa kulelicala, wabe esemdlulisela kubaphenyi nezikhulu eziphezulu.
Usegcizelele nokuthi lokuxhumana kuka Mchunu naye ngqo akuhambisani nemigudu esemthethweni yokuthola ulwazi ngabasolwa noma ngecala elithile, egcizelela ngokuthi lemininingwane ngokomthetho, itholakala ebuholini bamaphoyisa ezingeni lesifundazwe.
“Ngathola ucingo luvela kungqongqoshe ngoFebruary 5, inhloso yocingo kwakungukukhuluma ngokwenzeka esigamekweni sokubulawa kuka eMabhida,
“Ngamazisa ungqongqoshe, wabe esengitshela ukuthi kumele ngimazise ngophenyo, ngase ngimtshela ukuthi akusimina osingethe uphenyo lalelicala, liphenywa yi-PKTT,” kubeka uGopaul.
“Ngathola ucingo luvela kungqongqoshe ngoFebruary 5, inhloso yocingo kwakungukukhuluma ngokwenzeka esigamekweni sokubulawa kuka eMabhida,” kusho uGopaul.
“Ngamazisa ungqongqoshe, wabe esengitshela ukuthi kumele ngimazise ngophenyo, ngase ngimtshela ukuthi akusimina osingethe uphenyo lalelicala, liphenywa yi-PKTT.
Uqhuba ngokuthgi wabe esebuza ukuthi kungani i-PKTT iphenya lelicala, njengoba wayekhiphe umyalelo wokiuthi lelicala liphenywe esiteshini lapho kwenzeka khona ubugebengu.
U-Gopaul uphinde wadalula ezinye ezigameko ezimbili lapho uMchunu afuna khona ulwazi ngamacala thizeni.
Utshele ikhomishana ukuthi lezi zingxoxo bezingahambisani nondlela noma nemigudu ekwenziwa ngayo iinto, njengoba ungqongqoshe kwakumele axoxisane noKhomishana wamaphoyisa esifundazweni noma uKhomishana kazwelonke.
Nokho uvumile ukuthi uMchunu akashongo ukuthi usebenzisana naye ngasiphi isikhundla.
UGopaul uthe okwesibili ukuxoxisana kwaba ngesikhathi uMchunu, owayeshaye umfaniswano we-ANC uphelele ekhankasa, wafuna idokodo ngecala elithinta ikhansela le-MK Party, u-Dohie Govender, asola ukuthi umphakathi ubukhala ngalo.



