By: Noluthando Mchunu
Ungqongqoshe wezemfundo eKZN uSipho Hlomuka uthi kuyakhathaza ukuthi kunezingane ezizalelwe kulelizwe kodwa ezingenazo izitifiketi zokuzalwa nezingcina zingena ohlwini lwezingane ezingenawo amaphepha okuba kulelizwe ngokusemthethweni.
uHlomuka ubephawula ngodaba lokwanda kwesibalo sezingane ezizalwa ngabazali abangabokufika kulelinokubikwa ukuthi ziyazingenela nje ezikoleni ngaphandle kwamaphepha.
Kuzokhumbuleka ukuthi kuqubuke ingxabano ngaphandle kwesikole iAddington Primary eThekwini abazali befuna kutholelwe izingane zabo izikhala ngenkani bekhala ngokuthi ezabokufika zona seziyafunda.
UHlomuka uthi yize zikhona izingane zangaphandle ezingenazo izincwadi kodwa nabazali bezingane zakuleli ke nabo banabo ubudedengu bokungazibhalisi izingane zabo kwaHome Affairs.



