Skip to main content

By: Sthulile Mdletshe   

USihlalo wekomiti lezokuThuthukiswa koMnotho kuMasipala weTheku, uThembo Ntuli uthi iTheku likulungele ukwamukela izivakashi kulamaholidi  ephasika. 

Uthi nemcimbi eyahlukene izobe inkanisile kuleli dolobha kanti nezokuphepha zizobe zithe cithi saka. 

Usho kanje ekhuluma nezindaba ze gagasi FM  njengoba kulindeleke kukuthi kutheleke indwaba yabantu abazohambela imcimbi eThekwini bazojabula. 

UNtuli egcizelela ngezokuphepha uthi zizobe ziqinile njengoba abakwasidlodlo bazobe bekanise idolobha lonke, beqikelela ukuthi kuba  lula ukusabela uma kukhona lapho bedingeka khona. 

Lalela izindaba eziphelele ngezansi:

[advanced_iframe src=”https://streaming.fabrik.fm/fabrik/echocast/player/rewind-single/player.html?id=6d2fc469-1aa3-455c-8e71-36fc65de6156&web_url=https://echocast.fabrik.fm/8Q0wqVVrYm4LK3qQ&podcast_id=9c6d3b03-9c9a-4797-9c31-06905d13b1c8″ width=”100%” height=”200″]