U-Ndunankulu uthi kudingeka izinhlelo zokulekelela imphakathi kweyokulwisana ne-GBV.
Written by Phakeme Mnguni on 31 March, 2025
By: Xolani Khumalo
UNdunankulu wesifundazwe uThami Ntuli usebhonge emswaneni emzini ekubalawe kuwo ezelamane zabesifazane eMzinto eNingizimu neKZN.
Kulesigameko esishaqisayo esenzeke ngempelasonto kukholaka ukuthi owesilisa ubengxabano nentombi yakhe eholele ekutheni akhiphe isibhamu ayidubule, udadewabo wentombi obezama ukungenelela naye wadutshulwa naye-ke umlisa wabe esezidubula – bashona bonke bobathathu.
Kudubuleke nomakhelwane obezama ukulekelela kodwa wasinda ngokulambisa.
UNtuli uthi kucaca bhah ukuthi kudingeka izinhlelo zokulekelela imphakathi.
Lalela izindaba eziphelele ngezansi:
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.