Skip to main content

By: Xolani Khumalo  

UNdunankulu wesifundazwe uThami Ntuli usebhonge emswaneni emzini ekubalawe kuwo ezelamane zabesifazane eMzinto eNingizimu neKZN. 

Kulesigameko esishaqisayo esenzeke ngempelasonto kukholaka ukuthi owesilisa ubengxabano nentombi yakhe eholele ekutheni akhiphe isibhamu ayidubule, udadewabo wentombi obezama ukungenelela naye wadutshulwa naye-ke umlisa wabe esezidubula – bashona bonke bobathathu. 

Kudubuleke nomakhelwane obezama ukulekelela kodwa wasinda ngokulambisa. 

UNtuli uthi kucaca bhah ukuthi kudingeka izinhlelo zokulekelela imphakathi. 

Lalela izindaba eziphelele ngezansi:

[advanced_iframe src=”https://streaming.fabrik.fm/fabrik/echocast/player/rewind-single/player.html?id=6d2fc469-1aa3-455c-8e71-36fc65de6156&web_url=https://echocast.fabrik.fm/zNWVKGv55qPRDqQ&podcast_id=d600255b-6e19-4f3c-9a74-89fd2b162483″ width=”100%” height=”200″]