Skip to main content

By: Pamella Majola

UMengameli uCyril Ramaphosa uthi udlame olubhekiswe kubantu besifazane nezingane luyabhebhetheka ngoba kukhona abantu emphakathini noma emindenini ababuye bezame ukuthi izigameko ezithize zifihlwe, ngoba bethi ziyihlazo.

URamaphosa usho kanje ethula inkulumo yakhe engqungqutheleni eqhubekayo eKapa yeBiennial Conference International Association of Women Judges. 

Uqhuba ngokuthi okunye ekmele kubhekisiswe ukuthi abantu abalutholi usizo ngesikhathi, nokwenza kubenzima uma sekumele kuphenywe amacala.

Uthi abantu abaningi abahlukumezayo abakutholi ukujeziswa okufanele, ngoba bayavikelwa.

Lalela izindaba eziphelele:

[advanced_iframe src=”https://streaming.fabrik.fm/fabrik/echocast/player/rewind-single/player.html?id=6d2fc469-1aa3-455c-8e71-36fc65de6156&web_url=https://echocast.fabrik.fm/VMMm0nNQG2yDyzqQ&podcast_id=948d722f-5247-496c-93ad-a32fd48640be” width=”100%” height=”200″]