Skip to main content

By: Phakeme Mnguni

UMengameli uCyril Ramaphosa uselishayele ihlombe iqhaza elabanjwa yiloyo owaba ngumengameli wokuqala wentando yeningi kuleli uNelson Mandela kanye nesishoshovu somzabalazo uOliver Tambo, ekulweleni inkululeko yalelizwe. 

Umengameli ubekhuluma emcimbini wokwembula ama statues alabaholi eMoses Mabhida eThekwini esika Madiba sikuyo lenkundla yezemidlalo kanti esika Tambo sise North Beach. 

Lemifanekiso kubikwa ukuthi idle isamba semali engango- 22 million wamarandi, Kanti ngayo umasipala uhlose ukuheha izivakashi nokukhulisa imboni yezokuvakasha nokungcebeleka.

URamaphosa uthi ukusebenzisana kwalabaholi, ababengabameli ngaphambi kokujoyina umzabalazo kwakhombisa ukuzinikela nokucabangela abantu.