By: Xolani Khumalo
OwayenguNobhala Jikelele we-MK Party uFloyd Shivambu usekuqinisekisile ukuthi i-Afrika Mayibuye Movement izolungenela ukhetho lohulumeni basekhaya ngo-2026.
UShivambu uthi ubelokhu exoxisana nabantu baseNingizimu Afrika ezweni lonke ukuze ahlole umbono womphakathi ngokuthi kumele yini asungule inhlangano yezepolitiki.
UShivambu umemezele ukuthi usesungule inhlangano entsha i-Mayibuye ngoJuni ngemuva kokulaxazwa esikhundleni sokuba ngunobhala-jikelele weqembu u-Mkhonto weSizwe Party (MK P).
Ekhuluma eJohannesburg City Hall eGauteng izolo, uShivambu uveze ukuthi nakuba lezingxoxo zisaqhubeka kodwa sebeluqalile uhlelo lokufaka isicelo sokungenela ukhetho lomasipala.
Uphinde waqinisekisa ukuthi iqembu lakhe lizongenela nokhetho lukazwelonke ngonyaka ka-2029.
“Sesiyibhalisile inhlangano ye-Afrika Mayibuye njengeqembu lezepolitiki, elizongenela ukhetho ngo-2026, 2029, kuya phambili.”



