Skip to main content

By: Sthulile Mdletshe

UNgqongqoshe wamaPhoyisa, uBheki Cele, usekhwele wadilika kulaba abagxeka ukuziphatha kwamaphoyisa ezweni, nendlela asebenza ngayo ukuvikela umphakathi.

Lokhu kulandela izigameko zakamuva zokudubulana kwamaphoyisa nezigebengu eMpumalanga naKwa-Zulu Natal.

EMpumalanga, abasolwa abayisithupha badutshulwe babulawa betholana phezulu namaphoyisa ezinsukwini ezimbalwa ezedlule.

Kanti kwa-Desai eMarianhill entshonalanga yeTheku amaphoyisa adubule abulala abasolwa abangu-9 kwaphunyuka ababili kwabasolwa ngokuthi bebehlalise lubhojozi umphakathi wakuleyandawo futhi bebefunwa ngamacala anzima nokubalwa kuwo ukubulala nokudlwengula.

UCele uthi kuyakhathaza ukubona amaphoyisa egxekwa ngalendlela ekubeni enza umsebenzi oncomekayo wokunqanda isihlava sobugebengu.

Uthi nakanjani uzoqhubeka nokugqugquzela amaphoyisa ukuthi ahlale eqaphile ngoba ethi nezigebengu nazo zihleze zihlomile.

 

[advanced_iframe src=”https://streaming.fabrik.fm/fabrik/echocast/player/rewind-single/player.html?id=6d2fc469-1aa3-455c-8e71-36fc65de6156&ampweb_url=https://echocast.fabrik.fm/MmRxPz5pM5Wn4Q&amppodcast_id=5346e3e4-9388-479c-8616-5ac9a477a627″ width=”100%” height=”200″]