By: Bright Ntuli
Ummama wentombazanyana eyanyamalala kwangazeka ukuthi kwenzekeni kuyo iJoslin Smith usegixabezwe ngesigwebo sika dilika jele.
UKelly Smith kanye nesokalakhe u-Jacquen Appollis, nomgani walo uSteveno van Rhyn sebegwetshwe yinkantolo yamajaji eWestern Cape ngodilika jele umuntu ngamunye, kulandela ukulahlwa yicala lokuthumba nokushushumbisa lengane eneminyaka engu-6 ubudala.
UJoslin wanyamalala ngo February wangonyaka owedlule kanti laba bagwetshwa nje iqiniso ngokwenzeka kuye alikaphumi njengoba kungaziwa noma usaphila noma usashona.