Skip to main content

By: Nhlanhla Mbokazi

UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana, uVelenkosini Hlabisa, uthi umnyango wakhe usuxhumene nomnyango wezokuHlaliswa kwaBantu kuzwelonke, ukuze ulekelele imindeni ekhahlanyezwe umoya onamandla.

UHlabisa ehambisana noNdunankulu waKwaZulu Natal, uThami Ntuli, sebehambele imindeni yase Mpendle, ngaphandle kwedolobha i-Pietermaritzburg, maphakathi nesifundazwe, ukuyohlola umonakalo odalwe umoya onamandla ohlasele kule ndawo ngesonto eledlule.

Lo moya ucekele phansi eminye imizi, waphephula nophahla kweminye, washiya imindeni isele dengwane, okumanje ifihle amakhanda komakhelwane.

Ekhuluma nabezindaba, uHlabisa uveze ukuthi ingu-58 imindeni ekhahlamezekile, kanti ilinganiselwa ngaphezulu kuka-140 ethintekile.

Uqhuba ngokuthi umnyango wezokuHlaliswa kwaBantu uzosiza labao abaphephukelwe yimizi, okumanje abangazi batheni bayihlanganise nani.

Uthi lemindeni izothola izindawo zokufihla ikhanda okwesikhashana.

Khona manjalo, omunye wezakhamuzi ezikphephukelwe imizi, uBizeleni Ndlovu, uthi bashayeke kakhulu njengoba kungaqali ukwenzeka inhlekelele kuleli khaya.