Skip to main content

By: Zilungile Mkhize

UMnyango wezabesifazane, intsha kanye nabantu abakhubazekile unxusa zonke izinhlaka zomphakathi ukuthi zihlangane ekulweni nokukhulelwa kwentsha, njengoba cishe u-30% wabantu besifazane abasebasha sebeke bakhulelwa.

Yize lesi sibalo sehlile uma siqhathaniswa neminyaka edlule, kodwa sisalokhu siphezulu ngendlela ekhathazayo.

Izifundazwe ezinesibalo esiphezulu sentsha esiphenduke omama, iLimpopo, Mpumalanga kanye ne-Eastern Cape.

Okhulumela umnyango uCassius Selala uthi kumele kube nezingxoxo ezizofundisa ngomthelela wocansi nobungozi bokwenza ucansi olungavikelekile, ikakhulukazi entsheni.