By: Sthulile Mdletshe
UHulumeni waKwaZulu-Natal uthi usebenzisana nenkampani kagesi u-Eskom ukubuyisa ngokuphelele ugesi ezindaweni ezikhahlanyezwe isimo sezulu esingesihle.
Izindawo eziningi eKZN, nase Eastern Cape zishayeke kakhulu ngenxa yamakhaza, imvula, nokukhithika, okuphazamise izigxobo zikagesi, kwacekelela phansi izindlu kanye nenye ingqalasizinda.
Uqhuba ngokuthi isifunda Ugu eningizimu ye KZN yiso esikhahlamezeke kakhulu.
UNgqongqoshe wezokubusa ngokubambisana eKZN uThulasizwe Buthelezi uthi isiphepho esibe khona sicekele phansi imizi engaphezu kwengu-70, nokushiye abantu abangu-14 bengenawo nhlobo amakhaya, kwalimala abaningi, okuhlanganisa nezingane zesikole.
Ubeka ukuthi imiqwaqo ethize enyakatho nesifundazwe isavaliwe ngenxa yeqhwa ebeligubezele umgwaqo nokudala ukuthi ukushayela kube yingozi, kodwa umnyango wezokuthutha usujube amathimba ezinhlekelele ukuyosiza ukususa iqhwa.