Skip to main content

By: Sthulile Mdletshe

Ijaji ecaleni lokubulawa kuka Senzo Meyiwa u-Ratha Mokgoatlheng lithi lizimisele ngokushenxa kuleli cala uma kukhona abazizwa sengathi ngeke bakuthole ubulungiswa ngaphansi kwesanddla salo.

UMokgoatlheng uthole ukugxekwa emva kwenkulumo ayenza enkantolo enkulu e-Pitoli ngeviki eledlule, lapho atshela khona ummeli uCharles Mnisi ukuthi akenzi njengabameli abamhlophe.

Lokhu wakusho ngemuva kokuthi uMnisi ecele ukungabikhona enkantolo ngenxa yokuthi uyobamba iqhaza kwi Comrades Maratho ebikade iqhubeka izolo.

Emuva kwezikhalo zokuthi lenkulumo yejaji inokucwasa ngokwebala, uMokgoatlheng ube esexolisa ethembisa nokuhoxa ecaleni uma kufanele.

Ekhuluma enkantolo, ukubeke kwacaca ukuthi izothobela noma yimuphi umyalelo ngalelicala ngoba akakukhonzile ukuzifaka ngenkane kubantu abangabaza ubuqotho kanye nesithunzi sakhe.