By: Sthulile Mdletshe
Umholi we EFF uJulius Malema uthi akakhathazekile nakancane ngokubuyela kuka Floyd Shivambu ephalamende.
UShivambu owayengusekela Mengameli we-EFF ngaphambi kokuhlubukela kuMkhonto Wesizwe Party, usanda kususwa esikhundleni sakhe njengonobhala jikelele walenhlangano wanikwa esokuba yilungu lephalamende.
Ekhuluma nabezindaba eGauteng, uMalema uthi abukho ubudlelwano asenabo noShivambu selokhu ashiya eqenjini lakhe, eqhuba ngokuthi kuyamcasula ke ukumataniswa naye njalo uma kukhona okwenzeka kwi MK P.
Uthi njengamanje i-EFF igxile emsebenzini yeqembu kanye nezindaba zokusebenza kwe Phalamende, hhayi okunye.
“Angisebenzisani no Floyd, ePhalamende noma emdlalweni webhola lezinyawo. Angifuni ukuyingena into yakhe, uma eza ePhalamende uzobafica besenza.”
Uthi ke njengamanje iphalamende liphethwe ngabantu abasha, ngakho uma efika nengqondo yokuthi uzobukela phansi ubuhlakani nokusebenza ngobuchule beqembu le EFF uzoba nenkinga ngoba bamulindele ngabomvu ukumubeka endaweni yakhe.