Skip to main content

By: Zilungile Mkhize

Umholi we EFF uJulius Malema uthi usazoqhubeka nokugqugquzela ukuthi abantu abadla izambane lika Pondo kube yibo abakhokha intela ethe xaxa.

UMalema izolo uhole ukhukhulelangoqo wemashi yokubungaza ukunqoba odabeni lokwenyuswa kwe VAT, ethi lokhu kuveze obala ukuthi uhulumeni awubacabangeli abantu abahlwempu.

Kusasa uNgqongqoshe wezezimali uEnoch Godongwana, uzokwethula isabelomali sikazwelonke esesibuyekeziwe, kulandela ukuhoxiswa kokwenyuswa kwe VAT ngo 0.5% ngalonyaka.

Ethula inkulumo yakhe phambi kwabalandeli be EFF uMalema uthi akukwazi ukuthi umuntu ohlwempu angaphathwa njengomuntu oyisicebi uma kubhekwa intela.

Lalela izindaba eziphelele ngezansi:

[advanced_iframe src=”https://streaming.fabrik.fm/fabrik/echocast/player/rewind-single/player.html?id=6d2fc469-1aa3-455c-8e71-36fc65de6156&web_url=https://echocast.fabrik.fm/99NK3JPrLn24L7qQ&podcast_id=32a43732-c22a-49f8-b857-b76a973ed05b” width=”100%” height=”200″]