Skip to main content

By: Noluthando Mchunu

Ungqongqshe wezokumbiwa phansi uGwede Mantashe uthi uhlelo lokuhlonzwa kwezidumbu yabavukuzi abebevaleleke emayini Ekapa luzophathwa ilemayini hayi uhulumeni.

Labavukuzi kubikwa ukuthi bashona ngenkathi kudilika udaka bengaphansi komhlaba mhla zingu 17 kuFrebruary.

UMantashe uhambele lemayini namuhla emva kokutholakala kwalezidumbu ngempelasonto.

Lemayini ebhekene nezinkinga ifake isicelo sokuthi ivalwe ngenxa yokungabibikho kwezimali nokuzodala ukuthi kulahleke imisebenzi engaphezulu kwekhulu.

UMantashe uthi imizamo yokuhlenga imisebenzi iyaqhubeka noma isimo singathembisi.

“Bonke laba abashonile bazongcwatshwa ngendlela enesizotha, kanti njengamanje sekuyisikhathi sokuthi kuqale uphenyo mayelana nembangela yokudilika kwaloludaka noluzoholwa ngumhloli omkhulu wezimayini- kwazise phela akujwayelekile ukuthi kudilike udaka ezimayini zedayimane,” Kubeka uMantashe

Uqhuba ngokuthi kuzomele athole ukuthi ngabe lamanzi abeqhamukaphi agcine esedala ukudilika kodaka futhi emva kophenyo, bazobe sebebhunga ngokuthi iyavalwa yini lemayini.