By: Buhle Mbhele
Unobhala Jikelele weSouth African Communist Party, uSolly Mapaila, usexwayise ngokuthi ingcindezi yangaphakathi iguqulwe yaba yizinyathelo zokuqondiswa kwezigwegwe.
Uthi ufuna ubumbano nokuvikelwa kwezinhlelo zeqembu kubeseqhulwini.
Ekhuluma nabezindaba namuhla, uMapaila uthi i-SACP isamile ekuthini ifuna ukuzimela gelekeqe njengoba siqhubeka nokushuba isimo mayelana nezinhlelo zayo zokungenela ukhetho lohulumeni basekhaya lwango-2026 ngokuzimela.
“I-SACP angeke ivume ukugotshwa uphondo enye inhlangano. Lokho kumele kuqondwe, kuphinde kuqondwe nayilabo abaphuphayo. Asiyithathi imiyalelo evela komkhulu noma kuzicashalala zakhona,” kubeka uMapaila
UMapaila usenxuse amalungu eSACP ukuthi aqine ekuphikisaneni nezinqumo ezivela kwi-ANC.
Usho kanje ekhuluma nabezindaba emva kokuthi i-ANC inike iSACP umnqamulajuqu wezinsuku ezingu-10, ukuthi icacise ukuthi izokhankasela bani okhethwenin lohulumeni basekhaya.
IPhini likaNobhala Jikelele we-ANC, uNkk Nomvula Mokonyane, ngaphambilini lathi nakuba iqembu lisamukele isinqumo se-SACP sokungenela ukhetho ngokuzimela, kodwa izinsiza zeqembu ngeke zisetshenziswe budedengu kulolu hlelo.
Iqembu liphinde lathi alizimisele ngokuxosha amalungu e-SACP ku-ANC, futhi umbimbi lwawo lusaqhubeka.



