Skip to main content

By: Pamella Majola

Ukhomishana wamaphoyisa kuzwelonke uFannie Masemola uthi ikusasa lakhe kulesikhundla lisezandleni zikaMengameli uCyril Ramaphosa.

UMasemola uvele kafushane enkantolo yeMantshi yasePitoli namhlanje, ngamacala okwephulwa kwemigomo ye Public Finance Management Act athinta ithenda lika R360-Million.

Inkantolo imuyalele ukuthi abuye ngomhlaka 13 May, esehambisana nosomabhizinisi osematheni uVusumuzi CAT Matlala kanye nabanye abasolwa abangu 15.

UMasemola ekhuluma nabezindaba ngaphandle kwenkantolo uthe ngeke achaze kabanzi ngezinkulumo zakhe noMengameli esidlangalaleni, kanti umbutho wamaphoyisa kuzomele uqhubeke nokusebenza ngoba lesi kusayisiqalo, buningi ubugebengu obuhleliwe.