Skip to main content

By: Zilungile Mkhize

Usekela mengameli wezwe uPaul Mashatile, uthi namanje uhulumeni usazibophezele ekuqhubekeni nezinhlelo zokuthuthukisa labo ababencishwe amathuba phambilini iBroad-Based Black Economic Empowerment ukuthuthukisa umnotho.

Ekhuluma ePhalamende lapho ebephendula khona imibuzo, usefunge wagomela ukuthi ngeke bawuqede lomgomo, ethi ukuvalwa kwawo kungalimaza yonke imizamo kahulumeni yokuqinisekisa ukulingana futhi kungaphazamisa yonke imigomo ebhekele izinguquko.

I-DA yiyo ebuze uMashatile ngenqubekelaphambili kahulumeni mayelana nokubuyekezwa kwezigaba ezimbili zeBBBEE.

Uthi okwenziwa uhulumeni njengamanje ukubhekisisa izindlela zokuthuthukisa abantu bakuleli.
Kuzokhumbuleka ukuthi iBBBEE, isike yathola ukugxekwa yizinhlangano zamabhunu nokubalwa kuzo i-AfriForum, zithi ibhekela abantu abamnyama namabhizinisi abo kuphela.