By: Sthulile Mdletshe
UMasipala weTheku usuzwakalise ukukhathazeka ngokusabalala kwemibiko engelona iqiniso ezinkundleni zokuxhumana mayelana nemitholampilo kamasipala efuna iziguli ziphathe omazisi bazo uma zizofuna usizo.
Ngokwalemibiko, abangenabo omazisi bayanqatshelwa ukuthola izinsiza emtholampilo yeTheku.
Esitatimendeni esikhiswe uMasipala, usuqinisekisile ukuthi iziguli ezivakashela noma yimuphi umtholampilo kaMasipala, uma ziqala ngqa ziyaye zicelwe ukuba ziphathe omazisi bazo ngenhloso yokuvula ifayela lesiguli.
Uqhuba ngokuthi uma ifayela selivuliwe, iziguli akube kusadingeka ukuthi ziphathe omazisi ukuze zithole usizo futhi.





