Skip to main content

By: Xolani Khumalo

Unobhala jikelele we-ANC uFikile Mbalula usexwayise iDA ngokuthi uMengameli uCyril Ramaphosa ngeke athule avume ukudelelwa ngosekela ngqongqoshe.

Usho lokhu njengoba uMengameli ngesonto eledlule ekhombe indlela oyilunga le-DA uAndrew Whitfield obengusekela Ngqongqoshe womnyango wezohwebo nezimboni.

U-Whitfield usolwa ngokwephula imithetho yokuziphatha emva kokuthi ethathe uhambo oluya phesheya kwezilwandle eUnited States engazange athole imvumo efanele kaMongameli – nokusho ukuthi uthathe uhambo olungagunyaziwe.

Emva kwalesimemezelo iDA imemezele ukuthi ngeke isaba yingxenye yenkulumo-ngxoxiswano kazwelonke iNational Dialogue ehlelwe uMongameli wezwe uCyril Ramaphosa.

Iphinde yaveza nokuthi izoluhoxisa futhi uxhaso lwayo lwamavoti okuphasisa isabelo-mali, esithinta izinto ezimqoka.

UMbalula uthi uma iDA ifuna ukuphuma kuHulumeni wobumbano iGNU, iminyango ivuliwe.