Skip to main content

By: Zilungile Mkhhize  

Unobhala jikelele we ANC uFikile Mbalula uthi asikho isinqumo asebesithathile ngekusasa leDA kuhulumeni wobumbano kuzwelonke. 

Ukuphawula kukaMbalula kulandela isenzo se DA, sokuphikisana ne ANC ngesikhathi kuvotelwa isabelomali ePhalamende ngesonto eledlule. 

Akhona amalungu eANC abeseqalile ukugqugquzela ukuthi iDA ishiye phansi kulolubumbano, eyisola ngokwehluleka ukusebenzisana namanye amaqembu. 

Athi iDA isacabanga njengeqembu eliphikisayo kodwa futhi iyafuna ukuqhubeka nokuba kuhulumeni. 

UMbalula uthi iANC isaqhubeka nokuxoxisana neDA ngokusebenza kwe-GNU. 

Lalela izindaba eziphelele ngezansi:

[advanced_iframe src=”https://streaming.fabrik.fm/fabrik/echocast/player/rewind-single/player.html?id=6d2fc469-1aa3-455c-8e71-36fc65de6156&web_url=https://echocast.fabrik.fm/ZrvNmzW628XLMKqQ&podcast_id=2406c17d-1570-45b2-8350-00148209d2a0″ width=”100%” height=”200″]