Skip to main content

By: Buhle Mbhele

Umkhuzi wamasosha akuleli uJenene uRudzani Maphwanya usethembise ukuthi ubugebengu obuhleliwe yinto abazimisele ukuqeda nya ngayo, ikakhulukazi ezifundazweni iGauteng kanye nase Western Cape.

Uthi umbutho wamasosha uzoba nobudlelwane obuqinile nombutho wamaphoyisa iSAPS, usebenze ngokubambisana ukukhuculula ubugebengu obuhlalise imiphakathi lubhojozi, ukuze kunqandeke ukushona kwabantu abangenacala ezandleni zezigebengu.

Ithimba elihlanganisa amasosha kanye namaphoyisa lizojutshwa ezindawei ezahlukene nokubalwa kuzo i-Free State, iGauteng, North West, Western Cape kanye ne Eastern Cape, kanti kungase kwengezwe nezinye.

Lelithimba lizojutshwa ezindaweni ezihlaselwe ubugebengu, obuhlanganisa nokuvukuzwa kwezimayini ngokungemthetho, ukushushumbiswa kwezidakamizwa kanye nokunye. Kanti liojutshwa isikhathi esinga ngonyaka kanye nenyanga eyodwa.

UMaphwanya ubekhuluma esithangamini sabezindaba ebesibanjwe iSANDF ngokuhlanganyela ne-SAPS kulandela isimemezelo sikaMengameli uCyril Ramaphosa sokujutshwa kwamasosha ezifundazweni ezahlukene.

Uqhuba ngokuthi miningi imiphefumulo yabantu esithathwe ubugebengu nokuyinto athi ngeke ibekezelelwe.