Skip to main content

By: Zilungile Mkhize

Ukhomishana wamaphoyisa eKZN uNhlanhla Mkhwanazi uthi akazisoli neze ngokuphumela obala mayelana nezinsolo ayenazo ngobugebengu, inkohlakalo kanye nokugxambukela kosopolitiki emsebenzini wamaphoyisa.

UMkhwanazi usho kanje ngesikhathi evele okwesibili phambi kwekomidi lephalamende, njengofakazi wokugcina ngaphambi kokuba ligoqe umsebenzi walo wokuphenya ngalezinsolo.

Uthi yize impilo yakhe ingasafani nasekuqaleni, kodwa akukho angakushintsha ngakwenza ngosuku aphumela ngalo obala ngezinsolo ayenazo.

UMkhwanazi uthi ngisho nalabo abahlela okuthize ngaye, ayikho into azoyenza ngabo, kodwa kumele bazi ukuthi ngeke athule adedele izigebengu zicanase.