Skip to main content

By: Sthulile Mdletshe

Ithimba labameli bakaMengameli u-Cyril Ramaphosa lisamile ekutheni ukuqokwa kuka Misuzulu kaZwelithini njenge Silo sakwaZulu kwakuhambisana nemithetho elawula isiko.

Ukuphawula kwakhe kuza nje, usaqhubeka umdonsiswano wesihlalo sobukhosi bakwaZulu enkantolo yokudluliswa kwamacala eBloemfontein, eFree State.

Umalume weSilo uMntwana uMbonisi nomfowabo uMntwana uSimakade, babuyele kulenkantolo izolo befuna kuchithwe isinqumo sika Ramaphosa sokweseka ukuqokwa kuka Misuzulu njenge Silo esisemthethweni, bekhala ngokuthi akuzange kulandelwe imigomo efanele.

Phambilini inkantolo eNkulu yasePitoli yathola ukuthi ukuqokwa kweSilo kwakuphambene nomthetho wasebukhosini bakwaZulu, futhi kwakuphambene nomthethosekelo wezwe.

UMeli ka Ramaphosa uMorumo Moerane uthi ukuqokwa kweSilo esikhona njengamanje, kwaba isinqumo somndeni wasebukhosini, hhayi esika Ramaphosa.