By: Nompendulo Ngubane
Umndeni walowo owabe enguNobhala Jikelele wophiko lwentsha lwe ANC, iYouth League, uSindiso Magaqa uthi yize usamukela isigwebo senkabi eyambulala kodwa usabheke ukuthi labo abawongqondongqondo kuleli cala nabo bajeze.
Namuhla inkantolo yamaJaji ePietermaritzburg igwebe uSibusiso Ncengwa odilikajele ababili ecaleni lokubulala uMagaqa ngo-July 2017 eMzimkhulu eNingizimu neKwaZulu Natal.
UNcengwa ubhekene namacala angu-11 ahlukene kanti isigwebo sakhe siza emva kokuthi avuma icala lokubulala waphinde waveza namagama abantu okuyibona athi bahlela itulo lokubulala uMagaqa.
Wabe esezibophezela ekutheni uzoba ngufakazi wombuso ecindezela labo abahlela lokhu kubulala.
Ilungu lo mndeni uLwazi Magaqa lisho kanje emva kokwethulwa kwesigwebo.




