By: Nompendulo Ngubane
Umndeni wowesifazane ongasaboni ehlweni elilodwa kulandela ukushaywa kanzima ngumlisa owayeyisoka lakhe laze lamgwaza amehlo womabili uthi ufuna umthetho wenze ubulungiswa.
Umndeni ka Bongeka Nxele (26) wasendaweni yase Maswazini eRichmond maphakathi nesifundazwe usho kanjena njengoba namhlanje umsolwa uZenzele Xaba (36) evele enkantolo kamantshi khona eRichmond ukuyofaka isicelo sebheyili.
Elandisa izindaba ze Gagasi FM ngaphandle kwenkantolo ugogo ka Bongeka, u Zodwa naye owashaywa kanzima nguye umsolwa ngelanga lesigameko uthi bafisa anganikwa ibheyili.
Ugogo uNxele uthi umsolwa wafika ebusuku kwakhe wafuna ngodli umzukulu wakhe maqede wamushaya, waze wamugwaza amehlo womabili nge screwdriver.
Lelicala lihanjelwe nangungqongqoshe wamaphoyisa u Senzo Mchunu, iMeya kamaspala wase Richmond kanye nomphakathi wakulendawo.
Ugogo uNxele uthi okubuhlungu ukuthi umzukulu wakhe akasaboni nhlobo ehlweni elilodwa kanti naleli elinye lilimele kanzima.