Skip to main content

By: Sthulile Mdletshe

Okhulumela iNdlunkulu uMntwana uThulani Zulu uthi uyasithunaza isithunzi sesizwe sakwa Zulu umdonsiswano wesihlalo sobukhosi okuqhubeka ezinkantolo.

UMntwana uZulu usho kanje njengoba umbango wesihlalo sobukhosi baka Zulu ubuyele eNkantolo eBloemfontenain eFree State namhlanje.

Kuzokhumbuleka ukuthi emva kokukhothama kwe Silo Samabandla uZwelithini kube nombango wesihlalo sobukhosi phakathi kwe Silo uMisuzulu kaZwelithini  noMntwana uSimakade ka Zwelithini.

Lokhu kuholele ekutheni Indlunkulu ihlukane phakathi abanye beseke uMntwana Smakade nokuyisikhalo esagcina sichithiwe e-Nkantolo eNkulu ePitoli.

UMntwana uZulu ekhuluma ngaphandle kwenkantolo ugxeke umdonsiswano noqhekeko eNdlunkulu wathi emva kokuthi kukhishwe isinqumo, unethemba lokuthi indlunkulu izobamdibemunye.