By: Zilungile Mkhize
Ungqongqoshe wezokuvikela uAngie Motshekga uthi iyaqhubeka imihlangano yokuhlela indlela ekuzosabalaliswa ngayo amasosha eSANDF azojutshwa eWesten Cape nase Gauteng.
Enkulumweni yakhe ebhekiswe esizweni iSONA, uMengameli uCyril Ramaphosa wamemezela ukuthi kuzojutshwa umbutho wezokuvikela ezindaweni ezibhekene nenkinga yobugebengu obuholwa ngamaqembu emigulukudu.
uNgongqoshe uMotshekga usetshele amalungu ePhalamende ngesikhathi ephendula imibuzo, ukuthi okwamanje umnyango wakhe, iziphathimandla kwa SANDF kanye nomnyango wamaphoyisa, basaqhubeka nemihlangano.
Ukudingida ukuthi loluhlelo luzosebenza kanjani futhi isikhathi esingakanani.
Uthi kungekudala bazodlulisela kuMengameli wezwe umbiko osuphelele.



