By: Bright Ntuli
UNgqongqoshe wezempilo kuzwelonke uAaron Motsoaledi uthi abantu abehlise amaphaphu, njengoba ethi umkhuhlane okhona njengamanje nosekutholakale ukuthi uwuhlobo lwe Covid-19 awuyona into abantu ekumele bazikhathaze ngayo.
Isikhungo esibhekele izifo ezithathelanayo i-National Institute for Communicable Diseases sesikuqinisekisile ukuthi siwubheke ngeso elibukhali umkhuhlane i-Nimbus Covid-19 variant.
Siqhuba ngokuthi sekukhona abantu esebetholwe nawo kuzwekazi i-Asia, emazweni ekubalwa kuwo iThailand, Indonesia kanye ne-China.
Kanti i-UK isithole abantu abangu-13 abatheleleke ngalesifo ngesonto eledlule.
UMotsoaledi ke usenxuse abantu bakuleli ukuthi baqaphele futhi bazivikele ngokuthi bageze izandla bavale imilomo uma bekhwehlela futhi bahlale emakhaya uma bengazizwa kahle.