Skip to main content

By: Nompendulo Ngubane

UNgqongqoshe wezeMpilo kuzwelonke u-Aaron Motsoaledi uthi yize izwe i-United States of America lihoxise uxhaso i-President’s Emergency Plan for AIDS Relief, ebelilunika iNingizimu Africa kodwa umnyango usebenza kanzima ukubhekana nezinkinga eziwumthelela walesi sinqumo.

UMotsoaledi usho kanje esithangamini sabezindaba  ephendula ngomthelela odalwe ukuhoxa kwe Melika ukuxhasa iNingizimu Africa.

Ukuhoxa kwe Melika ekuxhaseni i-SA kudale ukuthi izinhlangano ezingenzi nzuzo ezithola lolu xhaso zidonse kanzima kanye nakulabo abathatha imishanguzo ye HIV ne AIDS bahlangabezane nezinkinga.

UMotsoaledi uthi abanye babantu abathola imishanguzo yabo bebesizwa uxhaso lwe PEPFAR babathathe babayisa kwezinye izikhungo ukuze baqhubeke nokuthatha khona imishanguzo yabo.

Lalela izindaba eziphelele ngezansni:

[advanced_iframe src=”https://streaming.fabrik.fm/fabrik/echocast/player/rewind-single/player.html?id=6d2fc469-1aa3-455c-8e71-36fc65de6156&web_url=https://echocast.fabrik.fm/BJJX5pBX0W0vK3qQ&podcast_id=7e0702e6-7f97-43c0-8da5-2982b499e25e” width=”100%” height=”200″]