Skip to main content

By: Nompendulo Ngubane

Ukwanda kwezigameko zokudlwengulwa nokubulawa kwabantu endaweni yese Mfume eGudwini eNingizimu yeKZN sekushiye umphakathi wakule ndawo uhlalele ovalweni.

Lokhu kulandela isigameko sangempelasonto lapho kudlwengulwe intombazane oneminyaka engu 16 ekhubazeke ngokomqondo.

Isisulu sidlwengulwe owesilisa wasendaweni okumanje ubalekile emva kokubanjwa edlwengula le ntombazanyana emjondo emzini lapho kade kuno mcimbi khona.

Omunye wamalungu omphakathi kule ndaw uthi lesi sigameko singezinye zezehlakalo ezibonakala zanda kule ndawo njengoba ethi ukudlwengula kwezingane nakho sekuyisihlava esikhulayo kule endaweni.

Lalela izindaba eziphelele ngezansi:

[advanced_iframe src=”https://streaming.fabrik.fm/fabrik/echocast/player/rewind-single/player.html?id=6d2fc469-1aa3-455c-8e71-36fc65de6156&web_url=https://echocast.fabrik.fm/5N9BKMXvv7W6qyqQ&podcast_id=0516e096-3b2f-40f3-970a-19b4535b3725″ width=”100%” height=”200″]