By: Noluthando Mchunu
Umshushisi ecaleni lomholi weEFF uJulius Malema u Joel Cesar uthi kwaba inhlanhla ukuthi kungalimali muntu ngenkathi lomholi eqhumisa isibhamu esidlangalaleni.
UMalema ubuyele eNkantolo yeMantshi e-East London namuhla njengoba bekuqhubeka izethulo ezandulela isigwebo ecaleni lakhe lokuqhumisa isibhamu esidlangalaleni.
Lelicala limayelana nesigameko sango-2018 eMdantsane e-Eastern Cape, lapho uMalema abonakala kwiVideo eqhumisa isibhamu phambi kwabantu cishe ababengu-20 000, emcimbini wokugubha iminyaka yokusungulwa kwe-EFF.
Watholakala enecala ngonyaka odlule kanti abantu abaningi kuleli basibheke ngabomvu isigwebo sakhe.
UCesar uthi umbuso ufuna uMalema agwetshwe iminyaka engu-15 ebhadla ejele ngoba lokhu akwenza kwabeka inqwaba yezimpilo zabantu engcupheni.
Uthi ke uMalema akazange adubule kanye, nokungathathwa ngokuthi kwaba yiphutha kodwa wadubula amahlandla amaningi, kanti izenzo zakhe zabeka engcupheni izimpilo zabantu ababengaphezulu kuka-20 000 ababeyingxenye yalomgubbho, kanye nomphakathi wase Mdantsane oseduze nalenkundla yezemidlalo.



