Skip to main content

By: Phakeme Mnguni

Uthi usashaqekile umndeni wentombazane ekade yenza izifundo zobuntatheli esikhungweni semfundo ephakeme iBerea Techinical College, emva kokuthi itholakale ibulewe ehlathini eLindela Sub 5 e Clermont, entshonalanga yeTheku.

U-Asemahle Maqolo (21) odabuka e Eastern Cape, wanyamalala enkabeni yedolobha iTheku ngomhlaka 27 April, kanti intombazane ebehlala nayo ithi waphuma endlini ekuseni ethi uyocwala izinwele eThekwini.

Isidumbu sakhe sitholwe izolo ehlathini, emva kwezinsuku izingu-18 anyamalala, kanti sekuvele ukuthi sitholwe sinqunu futhi sesonakele.

Kuzokhumbuleka ukuthi Izindaba zeGagasiFM phambilini zixhumane nonina kamufi obike ukuthi usephoqeleke nokuthi alaxaze umsebenzi e-Eastern Cape azothungatha indodakazi yakhe eThekwini.

Okhulumela umawakhe, uSandile Mthembu usesibikele ukuthi izolo uthole ucingo lumazisa ngokuthi u Asemahle usetholiwe ehlathini e Clermont.

“Izolo ngithole ucingo ebelungazisa ukuthi isidumbu sitholwe ehlathini kolindela e sub 5 eClermont, kunekhadi eceleni kwaso ebelinesibongo sika Maqolo kwazise phela ngangishiye i number yami yocingo ku poster la esicela ukufuniswa u Asemahle.”

UMthembu uqhuba ngokuthi kuthe uma befika endaweni yesigameko bathola ukuthi isidumbu besesonakele, kanti ubengambethe ngezansi nokuqubula izinsolo zokuthi wanukubezwa ngokocansi ngaphambi kokuthi abulawe ayolahlwa ehlathini.