Skip to main content

By:Xolani Khumalo

Owayeyilungu le-EFF ephalamende uMbuyiseni Ndlozi usenxuse abahlali bakuleli ukuthi bavikele uKhomishana wamaphoyisa wase-KZN uNhlanhla Mkhwanazi.

Ukuphawula kwakhe kulandela inkulumo yangempelasonto ethuse abaningi yoMholi we-EFF uJulius Malema.

UMalema ekhuluma nabalandeli beqembu esidlangalaleni uphike zonke izinsolo zenkohlakalo asolwa ngazo, wabe esehlambalaza uMkhwanazi omyamanisa nalezinsolo embiza ngegwala.

Uzokhumbula ukuthi ngesonto eledlule uSergeant Fanie Nkosi uvezele ikhomishana kaMadlanga ukuthi kunamalungu eqembu i-ActionSA asolwa ngokubandakanyeka enkohlakalweni yethenda eTshwane Metro Police Department (TMPD) nokuthi isikhulu kulomnyango u-Umashi Dlamini Nkosi wahlanganisa uhlu lwezinkampani ezingu-7, ayeluthole ku-EFF.

UNdlozi uxwayise ngokuthi lelizwe lizophenduka inkundla yokuchanasa izigebengu uma abantu abampimpa ngobugebengu kuzoba yibona abahlaselwayo-bengavikelwa.

Uthi into engabe kugxilwa kuyo, inkohlakalo esivundululwe yabekwa obala yokugxambukela kosopolitiki emsebenzini wamaphoyisa.

“Thina asibona obhululu bakaMkhwanazi, sima neqiniso- uma unhlanhlatha sizokutshela ukuthi akuyona indlela yokwenza lena. Asinandaba noma ngabe uMkhwanazi, kumele ayeke ukuba sensitive ekutheni wonke umuntu okhuluma kabi ngaye uphenduka isitha kuye,” kubeka uMalema.

Uthi ke uma eyiphoyisa langempela akaqhubeke abe yilona, ayekele ikhomishana kaMadlanga kanye nekomidi lephalamende iAd Hoc Committee, liphenye ngezinsolo azenza kanti futhi angalinge acabange ukuthi uzobasabisa- bona awasabi amaphoyisa.