Skip to main content

By: Nompendulo Ngubane

UNdunankulu wase KZN uThami Ntuli uthi azikho izindawo zamakhosi nezasemakhaya ezizokhala ngokuntuleka kwezinsiza, njengoba umnyango weZoLimo wethule ogandaganda abangu-24.

Labogandaganda bengezwe ukusiza umphakathi wakulesifundazwe sonke ekulimeni.

Umnyango wezolimo uthi emva kokuzwa izikhalo zomphakathi mayelana nokushoda ko gandaganda, ube sewunquma ukuthi ufake isibalo esithe xaxa kulaba abakhona ngenhloso yokuhlomulisa umphakathi.

Ekhuluma ekolishi lezolimo eCedara eMaritzburg, nalapho kwethulwe khona labo gandaganda kanye nezimoto zomnyango eziwu-100, uNtuli uthi lezi zinsiza ziqhamuke ngesikhathi esihle njengoba inhloso kuwukubona isifundazwe sinamasimu aluhlaza, anezitshalo ezizokwazi ukushintsha izimo emiphakathini.