By: Nompendulo Ngubane
Ungqongqoshe WezokuThuthukiswa KoMphakathi eKZN uMbali Shinga uthi bazowuseka umndeni wakwa Cele endaweni yakwa Dweshula eMzumbe, eNingizimu yesifundazwe okuhlaselwe amalungu omndeni wawo abulawa ngelanga lika Ncibijane.
Lo mndeni kubikwa ukuthi wahlaselwa kwabulawa amalungu awo ngesihluku okubalwa nesaguga esibonwe abazukulu baso ngesikhathi sibulawa.
UShinga uthi into ebalulekile ukuthi umndeni uthole usizo ngazozonke izindlela njengoba lesi senzo sibe isenzo esibi kakhulu futhi esishiye nomphakathi wakule ndawo ukhungathekile.
Ungqongqoshe uphinde wazigxeka izenzo zodlame emphakathini njengoba futhi kunomunye umndeni khona eMzumbe awuhambele nawo okungene abantu ekhaya lawo kwabulawa abesilisa ababili.
“Isikhathi lesi lapho imindeni ehlukahlukene ibibhiyoza ithokozela isikhathi sokuphela konyaka kanti lomndeni uzoba neshwa elifana naleli, kodwa siwululeke kakhulu umndeni ukuthi mawube nethemba kwizinhlaka zikahulumeni ezibekiwe ngoba uma kwenzeka izigameko ezifana nalezi siyasolana emphakathini, abanye bafuna ukuziphindisela.
“Okunye njenge leadership okwenze ukuthi sisondele njenge leadership okwenze ukuthi sisondele eduzane sizobeluleka abantu ukuthi babe nethemba uhulumeni uyalusebenza udaba, nokuthi sinikezele nokululekwa ngokwengqondo njengoba lana kukhona nezingane ezincane ezibone ugogo wazo ebulawa ngesihluku,” kubeka uMbali Shinga.



