Skip to main content

By: Nompendulo Ngubane

UNdunankulu wase KZN uThami Ntuli, uthi basazoqhubeka nomkhankaso wokulwisana nesihlava sabantu bokufika abahleli kulelizwe ngaphandle kwamaphepha abagunyazayo.

Kumanje kunezikhalo mayelana nabokufika abakuleli ngokungemthetho ababonakala beqashwa yizinkampani ngenxa yokuthi zizobaholela imali encane kunaleyo eziyikhokhela abantu bakuleli.

UNtuli ehambisana nokhomishana wamaphoyisa ase KZN uNhlanhla Mkhwanazi, uhambele enye yezinkampani zakwaDukuza eNyakatho yeTheku izolo emva kokuthola ukuthi kunabantu bokufika abangenazimvume abasebenza kulenkampani.

[advanced_iframe src=”https://streaming.fabrik.fm/fabrik/echocast/player/rewind-single/player.html?id=6d2fc469-1aa3-455c-8e71-36fc65de6156&web_url=https://echocast.fabrik.fm/VXYpp0Mq6RDVQxqQ&podcast_id=417a0bad-442c-46e1-a12e-2cfa06fe1d48″ width=”100%” height=”200″]