By: Sthulile Mdletshe
UHulumeni wa-KwaZulu-Natal uthi ikhona inqubekela phambili eseyenzekile ohlelweni lokwakhela izindlu labo abakhahlanyezwa yizikhukhula kulesifundazwe.
uNdunankulu u-Thami Ntuli uthi phezu kemizamo yokwakhela kabusha izisulu, zikhona nezindlu zesikhashana eziphephile ezingolindela.
Muva nje izikhukhula zidlule nemiphefumulo yabantu abangu-20 zashiya umonakalo omkhulu ezindaweni ezakhe ngaphansi ko-Masipala abahlukene .
Kwenzeka lokhu nje i-KwaZulu-Natal ibisabhekene nokwakha kabusha kulandela umonakalo omkhulu wezikhukhula zango April 2022.
Ethula umbiko ngabakubeke eqhulwini njengo hulumeni uNtuli uthi sebewuhlonzile umhlaba endaweni yase Cornubia lenyaktho ye Theku, lapho bezokwakhela khona izisulu zezikhukhula zika 2022, kanye nalezi zakamuva.
Uqhuba ngokuthi sezikhona izindlu eMgungundlovu esekusele ukuthi zifakwe uphahla ezizoqedwa ngenyanga ezayo u-July, kanti lezi ezinye zizoqedwa ngo December wonyaka ka 2026.