By: Zilungile Mkhize
Umengameli Cyril Ramaphosa uthi izigameko zakamuva eziveza izinsolo zenkohlakalo, ubugebengu nokungaqhutshwa ngendlela efanele komsebenzi embuthweni wamaphoyisa akuleli, ziyadumaza kakhulu.
URamaphosa usho kanje ekhuluma nesizwe esithangamini sabezindaba ePitoli, lapho ememezele khona ukuthi ukhomishana wamaphoyisa kuzwelonke uFannie Masemola, uyamumisa esikhundleni.
UMasemola ubhekene namacala angu 4 athinta ukwephulwa komthetho i-Public Finance Management Act, nathinta ukukhishwa kwethenda lika R360-million elanikezwa usomabhizinisi uVusimuzi “Cat” Matlala, naye osolwa ezigamekweni zobugebengu nenkohlakalo.
URamaphosa uthi umbutho wamaphoyisa awukwazi ukuthi ungalahlekelwa yisithunzi emphakathini.
“Sisebenze kanzima ukwakha kabusha izinhlaka zomthetho kanye nezokuphepha, ukuze sibuyisele ukwethembeka nobuqotho bamaphoyisa. Yiwo lo mgomo oholele ekuphenduleni kwethu uma kubhekwa ubucayi bamacala – ngivumelene noJenene Masemola ukuthi athathwe njengomuntu osekhefini ngaphambi kokuba icala liphothulwe,” kubeka uRamaphosa.




