By: Nompendulo Ngubane
Umama womfana oneminyaka engu-24 ubudala wase Malangeni, eMzinto, eningizimu ye KZN ukhala ezimathonsi emva kokubulawa ngesihluku kwendodana yakhe, ekusolwa ukuthi ibulawe umlingani wayo ebisebenza naye kwesinye sezitolo ezinkulu.
USamkelo Zulu uqale ngokuvela ezinkundleni zokuxhumana umndeni wakhe umfuna, emva kokuthi alahleke izinsuku engabonakali emsebenzini wagcina etholakala ehlathini, eshisiwe, nesidumbu sakhe sesonakele ngokuchaza kuka mama wakhe uThandanani Mkhize.
Ekudukeni kuka Zulu umama wakhe ube esethola izingcingo kubantu abathe bamthumbile futhi bafuna imali, baphinda bayalela umama wakhe ukuthi angalinge ayithi vu kumuntu lendaba ngoba uma eke wenza njalo bazoyibulala indodana yakhe.
UMkhize uthi yize enze konke abekuyalelwa abathumbi kodwa kube yize leze njengoba ingane yakhe eyithole ehlathini ibulewe.