Skip to main content

By: Pamella Majola

Owesilisa olahlwe yicala lokubulala izaguga ezimbili useyoze afele ejele kulandela ukuthi egixabezwe ngesigwebo sodilikajele ababili.

UNkosiyethu Makhunga uphinde wanikwa neminyaka engu 13 ngaphezulu kulandela ukuthi ezivumele yena amacala okubulala lezaguga ngoFebruary wangonyaka owedlule eNgwavuma enyakatho yeKZN.

Okhulumela uphiko lwezokushushisa eKZN uNatasha Ramkisson Kara uthi uMakhunga wahamba, wayohlola enyangeni, yamtshela ukuthi lezalukazi eziyizihlobo zakhe, ziyamthakatha.

URamkinson Kara uthi ngobusubu besigameko ke uMakhunga waphuza amanzi ampojwana, maqede wanikela emzini wogogo bakhe uHlalaphi no Nomhlangano Mngomezulu abaneminyaka engu-79 no 86 ubudala, wabahlasela wababulala.

Uqhuba ngokuthi uMakhunga wabikela umndeni ngasekwenzile, wabe esebalekela kwelase Swatini nala aboshelwa khona.

Lalela izindaba eziphelele ngezansi:

[advanced_iframe src=”https://streaming.fabrik.fm/fabrik/echocast/player/rewind-single/player.html?id=6d2fc469-1aa3-455c-8e71-36fc65de6156&web_url=https://echocast.fabrik.fm/DK2ZMyzJN5nPQ8qQ&podcast_id=55e16753-c9e5-4d22-8b7b-0dc9987a0aea” width=”100%” height=”200″]