By: Pamella Majola
Oyisikhulu esiphezulu kwa Road Accident Fund, okuyisikhwama esinxephezela abantu abantu abalimale ezingozini zomgwaqo, uCollins Letsoalo usemisiwe emsebenzini.
Ukumiswa kwakhe kulandela izinsolo zokuba nesandla esivumelwaneni sokuqashisa ngamahhovisi akwaRAF eGoli.
Lesivumelwano uLetsoalo asolwa ngokuthi waba yingxenye yaso, sithinta imali elinganiselelwa uR79 million.
Abakwa Road Accident Fund bathi ukuminswa kwakhe akusho ukuthi sekunecala abamuthwesa lona, kodwa bafuna ukuthi uphiko oluphenya amacala ayisipeshili i-SIU, lusebenze ngokukhululeka futhi luphothule uphenyo lwalo ngokushesha.
Oyisikhulumi somnyango wezokuthutha kuzwelonke uPhathutshedzo Lukhwareni nguye ozobamba kulesikhundla sikaLetsoalo okwamanje.