By: Pamella Majola
Owesilisa owanukubeza ngokocansi izingane zakhe ezingu 4 azizaIayo useyoze afele ejele kulandela ukuthi inkantolo yesifunda eShowe enyakatho yeKZN, imugixabeze ngesigwebo sodilikajele abangu 4 ngemuva kokulahlwa yilamacala.
Oyisikhulumi sophiko lwezokushushisa iNPA eKZN uNatasha Ramkisson Kara, uthi lomlisa oneminyaka engu 41 ubudala wagila lomkhuba kusukela ngo-2015 kuya ku-2019.
Uqhuba ngokuthi izingane zakhe zanineminyaka ephakathi kwemibili nengu-8 ngalesikhathi uyise ezinukubeza.
URamkisson Kara uthi ubufakazi obuvele enkantolo, sebuveze ukuthi lomlisa wayelinda ukuthi unina wezingane ahambe bese egila nomkhuba, maqede asongele izingane ngokuzibulala uma zike zayithi vu lendaba.