Skip to main content

By: Zilungile Mkhize

Owayengumengameli wezwe uJacob Zuma usetshele abalandeli bakhe ukuthi kunabantu abamuzondela into engekho.

Lomholi obephelezelwe yizinkumbi zabalandeli benhlangano yakhe Umkhonto Wesizwe, usho kanje ngemva kokuvela enkantolo ngecala alifaka lokufuna inkantolo ihoxise umshushisi wombuso uBilly Downer ekumshushiseni.

UZuma usephinde wakhala ngaphansi futhi kulelicala.

Ekhuluma ngaphandle kwase Pietermaritzburg High Court, uZuma uthi yena akufunayo ukuthi umuntu omnyama asimame, akwazi ukuba notho.

Lalela izindaba eziphelele ngezansi:

[advanced_iframe src=”https://streaming.fabrik.fm/fabrik/echocast/player/rewind-single/player.html?id=6d2fc469-1aa3-455c-8e71-36fc65de6156&web_url=https://echocast.fabrik.fm/R65WDqL1wrp1y4qQ&podcast_id=65490f48-ce10-4f79-a614-a86c0bec43c2″ width=”100%” height=”200″]