By: Noluthando Mchunu
Umholi weMK Party uJacob Zuma usexwayise amalungu e-ANC ukuthi ayeke ukwenza izinkulumo ezingelona iqiniso ngokushiya kwakhe lenhlangano ngoba nakhu ebheke ukuzuza amavoti.
UZuma ubekhuluma emcimbini wokuthulwa kwesifundo ngowayeyisishoshovu somzabalazo uSolomon Mahlangu eMamelodi West , eTshwane.
Usetshele abalandeli beqembu lakhe ukuthi ngesikhathi esungula iMK Party wazama ukuxoxisana nabaholi be-ANC kodwa yonke imizamo yakhe yashaywa indiva.
UZuma uthi usafisa ukuxoxisana noMengameli wenhlangano uCyril Ramaphosa ukuze athole incazelo mayelana nalezinkulumo athi zidukisa umphakathi.
“Hhayi ukuthi angikhulumanga ne-ANC ngabe bayaphosisa, ngakhuluma kaningi ukuthi i-ANC manje enye akuseyona le esiyaziyo. Mina baze bangivala enkomfeni ka-ANC ngaphakamisa isandla kwaze kwayophela bengangikhombi, ngangifuna ukukhuluma udaba lokuthi i-ANC iphumile endleleni manje.
“Kwaleyonto yokuthi omunye umuntu uma efuna ukukhuluma nizomuvimba ngamabomu ngamasu, abangakhali,” kubeka uZuma.



