By: Sthulile Mdletshe
Inhlangano yabashayeli bamaloli, I-Truckers Association of South Africa (TASA), ithi sezingasemaphethelweni izingxoxo zokuthi kususwe u-20% wamaloli emgwaqweni emikhulukazi kulelizwe.
Lenhlangano ithi ukunciphisa ubugebengu, udlame olubhekiswe kubashayeli bamaloli kanye nesibalo esiphezulu kakhlu samaloli emgwaqweni, kuzokwenzeka kalula uma imithwalo emikhulu isibuyela ezitimeleni.
Lokhu kulandela ukuhlaselwa kwalezithuthi okubonakale KwaZulu-Natal, Leimpopo naseMpumalanga, lapho kwangqongiswa khona amaloli angu-20.
Owe Tasa uMary Phadi uthi kuyimanje abashayeli bamaloli basanovalo njengoba kwashiswa lamaloli.
Abanye abashayeli bamaloli bakhala ngokuthi ukususa u-20% wamaloli emigwaqweni kuzoshaya kuzwele kubona ngoba kuza nokudilizwa kwabantu nokuphela kwemisebenzi.
UPhadi yena usho kanje ngalesinyathelo.
[advanced_iframe src=”https://streaming.fabrik.fm/fabrik/echocast/player/rewind-single/player.html?id=6d2fc469-1aa3-455c-8e71-36fc65de6156&web_url” width=”100%” height=”200″]