Skip to main content

By: Buhle Mbhele

Umzali woyedwa wabasolwa ecaleni lokubulawa kobengumfundi wasenyuvesi iWits eGauteng, uOlorato Mongane useboshiwe esolwa ngokuphazamisa uphenyo lwamaphoyisa. 

Umama ka Philangenkosi Makhanya osolwa ngokuba nesandla kulelicala uboshwe ngemva kokuthi ethiphise indodana yakhe ukuthi ifunwa amaphoyisa.

Usekela ngqongqoshe wamaphoyisa uPolly Boshielo, uveze lokhu ngenkathi ethula amazwi enduduzo emgcwabeni kaMongale izolo eGoli.

Isidumbu sika Mongale satholwa ngoMsombuluko odlule eceleni komgwaqo kanti uMakhanya naye ongasekho emhlabeni kulandela ukudubulana namaphoyisa eAmanzimtoti eningizimu yeTheku ngesonto eledlule, ube ngumsolwa ohamba phambili kulelicala.

Njengamanje amaphoyisa athungatha uBongane Mthimkhulu ongomunye wabasolwa ogcwele izinkalo.

UBoshielo usenxuse abazali ukuthi bangavikeli izingane zabo uma zibandakanyeka emacaleni obugebengu ngoba bazolala bebaliwe nabo.