By: Noluthando Mchunu
Undunankulu waKwaZulu Natal uThami Ntuli uthi izingxongxo mayelana nokulethwa kwesitimela esinesivinini esiphezulu kulesifundazwe ziyaqhubeka.
Ntuli ubekhulma nabezindaba njengoba ehola iLekgotla kahulumeni waseKZN eMayville Ethekwini.
Lesitimela esizobe sisuka la-Ethekwini sibheke eGoli sisebenza ngobugcwepheshe besimanje kanti sizobe sihamba ngesivivini esilinganiselwa ku 300 kilometres ngehora.
UNtuli uthi lesitimela ngeke sigcine ngokunciphisa umthamo wezimoto emgwaqeni kodwa sizosiza nasekufukuleni umnotho njengoba sekuzoba lula ukuthi abantu bahambele amadolobha ukuzoqhuba amabhizinisi noma bezongcebeleka.
“Lesi stimela esizobe sisuka la eThekwini siya eGoli esigijimayo, udaba lwaso lugcine lubhungwa kuzwelonke kwangukuthi kwenziwa ucwaningo ngaso kunanemali ebekiwe eceleni, sinabakwa PRASA nabakwa Transnet namhlanje esixoxa nabo.
“Kodwa sibona sengathi nabo kusafanele babuyele emuva ukuze basinikeze impendulo ngokuthi sesikuphi ngaloludaba, kodwa luyaqhubeka lona.
Uqhuba ngokuthi lokhu kuzosiza ukuthi kucace ukuthi ngabe sekusele isikhathi esingakanani ukuthi sibonwe ngamehlo enyama.



